Ukubungaza ubuhlakani ngosuku luka Mandela eStangen

Thina eStangen sikholelwa ekutheni ”inkunzi isematholeni” okusho ukuthi abaholi bethu bakusasa batholakala etsheni yamanje, ngakho kubalulekile ukuthi sinike intsha yethu konke abakudingayo ekwenzeni ukuthi ikusasa labo libe eliqhakazile. Lesi sisho sihambelana namazwi nane nkolelo kababa uMandela ngenzalo ezayo ezohola imiphakathi njengoba washo ethi “kusezandleni zakho”

uMandela wayenenkolelo engenakungabaza ngokuba nozwelo, ngendlela ezoletha ushitsho emphakathini wethu. eStangen siyazwelana nokuthi imindeni yethu emphakathini inakekele imindeni yabo ngendlela ehloniphekileyo ngokuthi kube nama benefits abawadingayo azobavikela. Sikholelwa ekutheni sivikele ikusasa lentsha  ngokushiya ifa.

Kufanele ukuthi sonke sisukume nsukuzonke ukwenza izwe lethu libe yindawo engcono futhi eStangen sibungaza lolusuku ngokubuza abaholi bethu bakusasa ukuthi i 67 minutes isho ukuthini kubo nanokuthi bazolibungaza kanjani lolusuku.

“Kuyangithokozisa ukuba wumuntu omusha la eningizimu Africa, lolusuku lusho ukuthi njengesizwe sithokoze futhi sibonge lasiqhamuka khona. Lolusuku ngizolubungaza ngokusiza ngokuphekela abantu abangenamakhaya e-Orlando East.”- Lihle

“Eqinisweni, ubaba uMandela uyangikhuthaza ngoba wayekholelwa kubantu abasha, ubekholelwa ekutheni abantu abasha bangahola isizwe nanokuthi banikwe amathuba ukuze baqhubekele phambili. Lolusuku olwethu sonke futhi lenza ukuthi sihlangane sonke senze ikusasa elihle emphakathini.  Njengothisha wamabanga aphansi ngizobe ngifundisa abantwana abampofu nge Mandela day.” – Thandeka

“Inzalo nenzalo idinga iqhawe, kanti ke ngikholelwa ukuthi uMandela uyiqhawe kithi sonke. Ngizobe ngivolontiya kwikhaya lezintandane zamantombazane eSoweto, kuzobe kunemidlalo bese sifundisa ngokubaluleka kwalolusuku.”-Nabeelah

“Eqinisweni ngicabanga ukuthi usuku luka Mandela kumele silijabulele. Njengomuntu omusha kuleli, ngizizwa nginenhlanhla yokuba yinxenye yento enhle kanjena. Ngiyajabula ukubona intsha yethu ilusukumela lolusuku. Mina ngizobe ngikwi-walk ye-67 minutes.”-Nadia

Kuyamangaza ukubona abantu abasha benza iningizimu Africa indawo engcono. Impilo kanye nefa lika Mandela lisithinta sonke ngezindlela ezingafani. Ngamagama ka Nelson Mandela “singashitsha umhlaba wethu ubengcono, nanoma singenza okuncane”. eStangen sikholelwa ukuthi “uma unakekela ikusasa lakho manje, ngalokho ikusasa lakho nalo lizovikeleka”.Wenzani ngosuku luka Mandela, nayi uhla lwezinto ongazenza ukuze usize laba abampofu nabaswele.

Click here  Mandela Day community

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.