Izeluleko Engingazinika Zona Zomshado Ebucaneni Bami

Emva komshado nezihambeli zeni zihamba zibuyela ekhaya, bese wena nomyeni wakho. Niyasala nohambo olusha eningalazi ukuthi luzonibekaphi. Kuloluhambo kuzofanele nifunde ezinye izinto ngomshado futhi nibe nokuhlakani ngaloluhambo.

Ngenhlanhla, naba bantu abakade bashada, abanolwazi oluningi. Nanku umbhanselo abangakunika wona!

Zikhethe wena njalo

Kuzwakala kabi uma ngithi zinake wena kodwa kuliqiniso. Loku ngikufunde uma ngishada nganaka umdeni wami ngazikholwa ukuthi mina ngingubani.

Ngayeka ukwena izinto engizithandayo egameni lokuba umakoti oqotho. Umyeni wami ngiyamuthanda ngakhulu futhi ngizimsele ngomendo wami kodwa ngikholelwa ekubeni umuntu kumele azinake. Isifundo sami ukuthi imizwa kanye nesimo somqondo sibalulekile njegezomunye. -Nozinja

Izinkolo zenu zingefani futhi zingahambelani

Ngazalelwa kwi khaya lama kristu futhi ngakhuliswa kanjalo impilo yami yonke. Uma ngihlangana nomyeni wami indaba yenkolo ayiqhamukanga kwaze kuba sishade. Kwase kungifikela ukuthi sizokwenzenjani ngezinkolo ezingafaki? Izingane zona?

Umyeni wami wangiphoqa ukuthi ngilandele inkolo yakhe i-Islam. Kwakunzima kuqala, indlela yokwenza imithetho. Kwakumele ngilandele imithetho yakhona eminingi ikakhulukazi ngoba ngishadile kwalunga ekugcineni. Kubalulekile ukukhuluma ngenkolo zenu, kuba nomthelelo omkhulu uma isikhathi sihamba. –  Jyoti 

Abangani bakho abadingi ukwazi yonke into ngawe

Ngithe uma ngikhula ngabona ukuthi akulungile ukutshela abangani bami ngamaphutha omyeni wani awenzayo njalo. Lokho kudala ukuthi noma yini encane ayenzayo bamahlulele,umyeni wami vele ngamshada ngazi ukuthi unamaphutha akhe njegoba nami nginawami. Futhi kumele sibamabisane sifunane ukuze umshado wethu ube impumelelo.

Ngikholelwa ekutheni kunezinto ekumele zibe imfihlo ezingadingi ukuthi uzixoxele abanye Ngephambi kokuxoxela abanye, hlala phansi uhlaziye isimo ngamphambi kokukhuluma, bese ukhethe ukuthi isimo uzobhekana naso kanjani. -Gladys 

Thola ukululekwa komshado ngaphambi kokuthi nishade  

Ekukhuleni kwami nganiganaki ukuthi uku lahlwa njegengane kwangilimaza. Ngaqala ukubona indlela engihlukumezeke ngayo, ngokuthi ngiqhathanise umyeni wami nobaba wami. Kuba esengathi ngangihlezi ngilinde umyeni wami angiphoxe njengoba ubaba wami wangi phoxa ngokungilahla.

Ngangingasaneliseki ngezinto ezenziwa umyeni wami, loku kwaze kwaba nomthelela omubi kubantwana bethu nobudlelwane babo no baba wabo. Eqinisweni ngicabanga ukuthi kubalulekile ukukhuluma nochwephesha bokuhlukumezeka ngaphambi kokushada. Ukululekwa komshado kwakha ithuba lokuthi wena nomyeni wakho nikhulume ngayo yonke into engathinta umshado wenu. Ukukhuluma nesithandwa sakho kubalulekile ukuze nizwane kangcono. -Zanele 

Akudingeki ukuba umuntu owezisisa izinto

Ngangihleki ngiwumuntu ofuna ukwenzisisa izinto, kodwa emshadweni akunjalo, ukwenzisisa nokuba esimeni esilungile akukho njalo. Umendo unezi nqinamba ezidinga isineke kanye nokuxoxisana.

Ngangifuna umendo ongenazinkinga, kodwa kwakungenjalo kuhambo lwami kumendo ngibonile ukuthi kulua kuba nenjabulo emendweni mangabe konke kuhamba kahle, kuzofika isikathi la kungemnadi kodwa, kumele umuntu aqinisele abhekane nezingkinga-kodwa khumbula ukuthi ngeke kuhlezi kukuhle. -Khali 

Ungayeki ukuphishekela umuntu wakho

Sisanda kushada kwakumnandi sihlezi sijabulile futhi sikhuluma uma kukhana okungahambi kahle. Isikhathi masihamba kwancipha lokho, sayeka ukuzama futhi kwagcina sekubonakala. Ukuba nekhaya izingane kanye nezomnotho kwathetha isikathi sethu. 

Ngayeka ukuthenga izimbali izimpahla kanye nokuphuma sizikhipe sagcina singasa khombisani uthando kani ke umendo awunjalo. Kufanele kuhlezi kumnandi ngakho ngicabanga ukuthi kubalulekile ukukhombisana uthando emshadweni. Uthando nokuqinisekiswa kubalulekile kubuhlobo. Kungathi ngoba senishadile, zishintshe izinto. Qhubekani nithandane ngalendlela enani thandana ngayo nisayintombi nesoka. – Allan

Ukufunda ukukhula ndawonye 

Isifundo no lwazi engigazinika lona ngisemncane ukuthi ngishade inqondo isivuthiwe kubalulekile ukufeza amaphupho ako bese usungashada. Uma usuzo thatha umyeni ketha kahle ngaphambi kokushada, ngoba uzoshada impilo yakho yonke naye. 

Shada umuntu ozokuthanda ozokunakekela nonoxolo,umuntu ozokwenza uzizwe ubalulekile, nikhuthazane nange zifiso zenu. Ayikho into emnandi njegokubambana nginenhlanhla ukuba nomyeni wami. -Benjamin 

Kucacile ukuthi umendo awumuhle sonke isikhathi. Ukushada kulula noma ubani futhi angashada kodwa ukuhlale emshadweni akulula. Ukujabulisana nokuzimisela kwenza umshado uhlale isikathi. Nikhumbule ukuthi umshado wabantu uhlukile – ayikho indlela eyodwa elungile. Uma nje niphilisana ngothando, konke kuzohamba kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.