Ingabe yibona bonke abantu besifazane abafisa ukuba nezingane?

Singabantu besifazane, isipho esikhulu esiphiwe sona ukwazi ukuzala abantwana. Kuyisipho esincomekayo. Umphakathi awamukeli kahle uma umuntu wesifzane ekhetha ukungabi nazo izingane ebe ekwazi ukuzala. Akukholakali ukuthi umuntu wesifazane angathi ujabulile futhi wenelisekile engenazo izingane. Ngike ngathola ithuba lokukhuluma nezinhlobonhlobo zabantu besifazane. Bonke baphila izimpilo ezingafani kodwa banento eyodwa ebahlanganisayo – isipho sekhono lokuzala.

Abesifazane abathathu babelana ngezindaba zabo.

Thobile K* (32)

UMama ohlala ekhaya (akasebenzi)

“Ngashada ngineminyaka eyiwu-27. Kusukela lapho, ngangihlezi ngibuzwa ukuthi izingane ngizoba nazo nini. KwaZulu kwaziwa ukuthi mhla washada, isinyathelo esilandelayo ukuzalela umyeni wakho wandise umndeni.

Nginenhlanhla yokuthi umyeni wami uyindoda engihloniphayo futhi uyazi ukuthi izingane ngizoba nazo ngesikhathi esifanele. Ngangisagxile kakhulu ekusebenzeni. Ngayeka umsebenzi sengikhulelwe ingane yami yokuqala. Ngaba nenhlanhla yokuthi umyeni wami wayesebenza kahle ezokwazi ukusondla sonke. Ngathola ithuba lokuthi ngiphumule, ngihlale ngikhulise ingane yami. Leli akulona ithuba abaningi ababa nalo, ngakho ke ngiyohlezi nginenjabulo nentokozo yokuthi ngaba nalo.

Kuyazifanela kodwa ngoba ngisho senginayo ingane, sengiqalile ngiyabuzwa ukuthi enye izolandela nini? Kukhalwa ngendlalifa!

Kukho konke, akukho nokukodwa engakushintsha ngempilo yami. Yonke into yenzeke ngendlela kanye nangesikhathi sami – futhi nginokwesekwa okungikhuthazayo. Isesuleko engasithola kuMama wami ngikhulelwe ukuthi kumele ngithembe unembeza sami. Yimina oyohlezi azi ukuthi yini elungele ingane yami, ngakho ke kumele ngihlezi ngizithemba.”

Samukelisiwe C* (29)

UMama osebenzayo (ingane ise-creche)

“Ngazala ngineminyaka ewu – 22. Kwakunzima, bebaningi abantu ababengigweba kuthiwa ngisemncane kakhulu. Ngaze ngashada uBaba wezingane zami ngingakathandi, kodwa sithandana kakhulu. Sesishadile, ngaphinda ngamzalela ingane yesibili. Ingcindezi engafakelwa yona yayimayelana nokushada uBaba wezingane, kodwa ukuzala kwakuyizenzo zami zonke.

Ukuba wuMama umsebenzi onzima futhi obalulekile, kodwa akuve kwanelisa. Ayikho into engijabulisa njengokwazi ukondla izingane, ngizikhulise ngendlela ethandwa yimina. Kuyangijabulisa. Izinsuku zami ziguqukele kakhulu ezinganeni zami. Kusuka la engivuka khona, kuze kufike isikhathi sami sokulala, kuduma zona nje ekhanda lami. Ngenhlanhla sengize ngakwazi ukuzihambisa e – creche, ngazi ukuthi ziyanakekelwa kahle ngesikhathi ngikakwazi mina.

Emaqinisweni, uma ngibheka manje, ngangingalinda ngingazali ngisemncane. Ukuba nezingane kwenza ukuthi ngingaziqedi izifundo zami ngesikhathi, futhi ngingenzi zonke izinto engangizifisa ngisemncane njengokuhamba amazwe, ngibone umhlaba. Ngiphilela izingane zami – ngisebenzela zona. Angikhonondi, kuphela nje bengingajabula ukuba ngangingakwazi ukufeza amaphupho ami kuqala.”

Snenhlanhla N* (36)

Ushadile futhi akanazo izingane

“Anginazo izingane futhi angiboni ukuthi ngisazoba nazo. Akuyona into engiyibalile leyo. Ngisho ngisemncane, angizange ngibe ilengane edlala nonodoli, ibafunza, ibageza, ibalalisa. Angikaze ngihalele kwakuyiphatha nje.

Ngishadile futhi ngiyasebenza. Imali engiyiholayo yondla mina kanye nomyeni wami, iphinde ingisize ngikwazi ukusiza ekhaya. Ukungabi nezingane kungipha ithuba lokuthi ngiziphilele kamnandi nomyeni wami, sikwazi ukuhamba amazwe, sizikhiphe njalo, singalokhu sibalisa ngezingane.

Ngaphambi kokuthi sishade, ngamuchazela kahle umyeni wami ukuthi angifisi ukuzala noma sesishadile, futhi sahamba sayothola izeluleko zomshado. Saxoxa kabanzi ngesinqumo sami saze sazwana.

Njengokulindelekile- amalunga omndeni awazange asijabulele isinqumo sethu. Abanye baze bathi ngiyisiphoxi emzini futhi umyeni wami angimthandi uma nginganqaba ukwenza into ekuyiyona umsebenzi womuntu wesifazane emshadweni. Abangani bami yibona abangesekayo ngoba bayangazi ngingumuntu onjani, bayasiqonda isinqumo sami. Akukho lutho engifisa ukukuguqula ngempilo yami. Zonke izenzo zami zihambisana nenhloso yami. Kuhle ukuzazi njengomuntu wesifazane, wazi nezifiso zakho. Lokho kungakusiza ukuthi ukwazi ukuzihlela, izinto zakho zikuhambele kahle empilweni yakho.”

Seloku ngazalwa, ngizwa kuthiwa izingane ziyisibusiso. UDadewethu kanye nabangane bami abanezingane bake basho ukuthi ayikho injabulo edlula le efike nezingane zabo. Kodwa ke asifani singabantu. Injabulo nempumelelo yinto ozakhela wena ngendlela ethandwa uwena. Yibena lobo ubuhle bokuzikhethela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Be Wise - Find your ideal plan with Stangen

We understand that you want to make wise choices that suit you. Use our cover calculator to easily get an idea of your cover requirements.

Need assistance? We'll call you back.

Why not subscribe?

What can you expect from us? We promise to keep content on this site relevant and useful so that you can make wise money choices.
Every time we knock out another great piece of “stay financially wise” content, we will send you a notification via email.